Izinkunzi zaseSoweto zisayinise umgadli waseZambia

2017-09-27 11:01

Johannesburg - Usihlalo we-Orlando Pirates u-Irvin Khoza uveze ukuthi ikilabhu isayine umgadli waseZambia uJustin Shonga.

Lo mdlali oneminyaka engu-20 ubudala washaya amagoli abathathu, okubalwa kuwona namabili awashaya emlenzeni wodwa ngesikhathi iChipolopolo ishaya iBafana Bafana kweyokuhlungela eyeCHAN ngenyanga edlule.

IPirates lezi zindaba iziqinisekise namhlanje ngoLwesithathu ngemuva kokuba uKhoza ngoLwesibili eziveze kancane ngesikhathi ememezela inkampani yakwaFord njengabaxhasi abasha, kodwa wala waphetha ukwenaba ngemininingwane.

OLUNYE UDABA: Ubonga izitobha onyomfe iPirates

NgoLwesibili uthe: "Uma ungaya ejimini kusasa [ngoLwesithathu], uzobona umdlali omusha, ngingakunika igama lakhe nje kuphela; uJustin," kusho uKhoza.

Uthe ucabanga ukuthi uzodlala ngempelasonto uma kubonakala ukuthi usekulungele.

Phambilini uShonga ubeyamaniswa neMamelodi Sundowns kodwa iPirates kubukeka sengathi isimthathe kuqala njengoba kulindeleke avale indawo kaTendai Ndoro.

Lo mdlali kwi-website yeBhakabhaka uthe kuyamjabulisa ukuba lapha.

 - KickOff.com

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

USuthu lubhaxabule iSundowns ekhaya

Emizuzwini eyi-30 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...