Izinguquko zikaKomphela ziyibulele iChiefs - Dladla

2018-03-04 17:55

Johannesburg - Lowo owayengumdlali wasesiswini weKaizer Chiefs uJosta Dladla uthi abadlali ashintshe ngabo uSteve Komphela bayibulele iKaizer Chiefs emdlalweni womkhaya baseSoweto ngoMgqibelo.

Ayengokushabalala amathemba eGlamour Boys okuthatha isicoco seligi ngesikhathi ishaywa ngo-3-1 idlala nezimbangi zayo ezinkulu i-Orlando Pirates eFNB Stadium ngoMgqibelo.

Lo mphumela ushiye iChiefs ilandela iMamelodi Sundowns ngamaphuzu angu-8, isisalelwe imidlalo eyisikhombisa kuphele isizini, kanti uDladla uthi ushintsho lwabadlali lwehlise izinga ebidlala ngayo iChiefs.

OLUNYE UDABA: OwePirates uthi akayikhulumi kubadlali eyokuthatha eseligi

"Uma ngibuka umdlalo njengomlandeli, isiwombe sokuqala bekungeseKaizer Chiefs," kusho uDladla, owadlala iminyaka eyisithupha eNaturena.

"Uma ubheka, iKaizer Chiefs iyona ebiliphethe kakhulu ibhola, kodwa bebengalisebenzisi kakhulu, kanti ngesiwombe sesibili, beseliphethwe yiPirates."

UDladla uthi uKomphela wenze iphutha ngezinguquko ezenziwe kulo mdlalo.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Rain. More clouds than sun. Cool. Pta: 10-25°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 5-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 13-21°C Scattered tstorms late. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...