Izembe liloliwe kumqeqeshi we-PSL

2016-11-25 20:27

Durban – Liloliwe izembe kumqeqeshi wekilabhu egijima kwi-Absa Premiership njengoba kuvela ukuthi izikhulu kaziseneme ngomsebenzi wakhe.

IPlatinum Stars iphinde yaphoxa abalandeli bayo ishayelwa ekhaya yi-Ajax Cape Town ngo-3-2 koweligi ngoLwesibili ebusuku eRoyal Bafokeng Stadium, eRustenburg.

IPlatinum bekubhekwe ukuthi izicoboshisele kwazise i-Ajax idonsa kanzima njengoba isanda kuthola nomqeqeshi omusha uStanley Menzo.

ILANGA lithole ngemithombo yalo engashayi eceleni ukuthi izikhulu zePlatinum sezenele nguCavin Johnson ocija le kilabhu.

Kuthiwa zimatasa zithungatha umqeqeshi ozoyitakula.

OLUNYE UDABA: Ngijabule ngokuzimisela kukaJabu - Johnson

“IPlatinum isiyenele nguJohnson. Imatasa izama ukuthola uRoger de Sa noma uSerame Letsoaka. Isiqalile ukuxoxa nalaba baqeqeshi, isabheka isimo sayo sezomnotho ukuthi simi kanjani,” kusho umthombo.

UJohnson uthi kakumethusi akuzwayo kwazise vele umsebenzi wabo uhambisana nokuxoshwa.

“Kakungikhathazi ongibuza kona ngoba vele yimpilo yethu ukuxoshwa. Kodwa-ke emdlalweni wethu ne-Ajax kube wubudedengu babadlali, bengibatshele kahle ukuthi bamake kanjani bona bazenzela okwabo.

“Kunezinto ongaziqeqesha nongeke. Okwenzeke kulo mdlalo we-Ajax bekungaphezu kwamandla ami, abadlali bavele baba ngokhanda limtshelokwakhe.

“Kuzofanele ngishintshe ukwenza ukuze siguqule lesi simo,” kusho uJohnson.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Rain late. More clouds than sun. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 2-23°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 10-24°C High level clouds. Mild. PE: 14-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...