Iyaqina eyokuthengwa kweThanda ukuze AmaZulu abuye kuPSL

2017-05-30 11:01

Cape Town – Ilokhu isabalale njalo imibiko yokuthi iqembu elidlala esigabeni seNational First Division (NFD), AmaZulu FC, asezinhlelweni zokuthenga elinye iqembu laKwaZulu-Natal, iThanda Royal Zulu (TRZ), ukuze abuyele esigabeni esiphezulu sePremier Soccer League (PSL).

IThanda kulindeleke ukuthi iqale ukudlala kuPremiership okokuqala ngemuva kweminyaka eyishumi kulandela ukuthi ithathe isicoco seligi ye-NFD.

Ngakolunye uhlangothi, AmaZulu aphinde ahluleka kwisizini yesithathu ukunyukela ku-PSL njengoba egcine eqede esindaweni yesihlanu ku-NFD, ashoda ngamaphuzu amabili nje kuphela ukuthi akwazi ukudlala imidlalo yama-play-off ukuze abe sethubeni lokunyukela kuPSL.

OLUNYE UDABA: OwePirates uthi uphoxeke kabi ngokuhlulwa ukuwina indondo

NgoMsombuluko, i-website yeSoccer Laduma icaphune umthombo uthi kubukeka sengathi uSuthu lufuna ukusebenzisa indlela enqamulelayo yokubuyela ku-PSL.

“IThanda Royal Zulu isohlelweni lokudayisa indawo yayo kwiPSL. AmaZulu manje asenentshisekelo yokuthenga ikilabhu. Le kilabhu idayiswa ngemali elinganiselwa ku-R60 million,” kusho lo mthombo.

Ngokwe-website yeKickOff, isikhulu soSuthu uLunga Sokhela ucishe wakuqinisekisa ukuthi ziyaqhubeka izingxoxo zokuthenga nokudayisa phakathi kwala makilabhu.

“Lokho kuthanda ukuba nzima ukuphawula ngakho,” kusho uSokhela.

“Kodwa ngingakuqinisekisa ukuthi kube nengxoxo phakathi kwamakilabhu womabili (AmaZulu kanye ne-TRZ), futhi manje sesilindele ukukuqinisekisa ukuthi yini ezoshiwo yizikhulu (zePSL).”

Ngesikhathi ephinde ebuzwa futhi yileli phephabhuku ukuthi aqinisekise lezi zindaba, uSokhela kubikwa ukuthi uvele wathi: “Singasho kanjalo.”

USihlalo weThanda, uPierre Delvaux, ucashunwe ngaphambilini kule nyanga ethi izindleko eziphezulu zokuphatha ikilabhu abazilindele zingase ziphoqe ukuthi idayise. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 7-24°C Sunny. Mild. Bloem: 0-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...