Iyalilimaza ibhola lakuleli indaba yokupaka ibhasi - Pitso

2017-12-15 18:00

Cape Town - Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane uthi ukudlala ngokucophelela kuze kweqe ngendlela yokuthi amakilabhu apake ibhasi, inomthelela ongemuhle eqenjini lesizwe.

Amagoli awabonakali kule sizini kumakilabhu adlala ku-PSL kanti isiminingi imidlalo ephela ngama-draw ka-0-0, okuholela ekutheni uMosimane abone sengathi abanye abaqeqeshi bakhathazeke kakhulu ngokuhlulwa kunokuzama ukunqoba imidlalo.

"Ngiyayithanda into eyashiwo ngumqeqeshi wamaZulu uCavin Johnson. Uthi iningi lethu thina baqeqeshi sidlalela ukuthi singahlulwa," kusho uMosimane.

OLUNYE UDABA: Angimbambele gqubu uManyama - Mosimane

"Kuyiqiniso, vele ubani ofuna ukuhlulwa? Kepha uma ungahlaseli, uzowina kanjani? Uma umdlalo wakho u-70% wawo kuwukuvimba kuthi u-30% kube ngowokuhlasela?" kuchaza uMosimane.

"Ngiyakuqonda ukuthi wonke umuntu uyesaba ukulahlekelwa wumsebenzi. Nami ngokunjalo. Kepha ukudlala ibhola elinokuzithiba kulula, kepha emakilabhini amakhulu kuba yinkinga ngoba abantu bafuna ibhola elimnandi.

"Lokhu kuyingozi kakhulu eqenjini lesizwe ngoba kusho ukuthi amakilabhu ayehluleka ukuthuthukisa abadlali abahlaselayo. Lokhu kuzodala ukuthi siphante amaphuzu engxenyeni yesibili yesizini."

ISundowns izodlala neBloemfontein Celtic ngoMgqibelo eLoftus Versfeld Stadium kowe-Absa Premiership. Umdlalo uzoqala ngo-15:30.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-26°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 23-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...