Iyababulala intela abadlali abahola kakhulu kwi-PSL - Umbiko

2018-02-23 16:00

Cape Town - Ukwenyukwa kwentela kuzwela kakhulu kubadlali abahola kakhulu kwi-Absa Premiership njengoba kuchaza ukuthi abadlali bangase balahlekelwe u-45% wemiholo yabo uye ekukhokheni intela.

Ngesikhathi kwethulwa isabelomali ngonyaka owedlule, owayenguNgqongqoshe wezeziMali uPravin Gordhan wenyusa intela kulabo bantu abahola kakhulu kuleli.

Ngokusho kombiko weSowetanLIVE, abadlali abahola ngaphezu kuka-R1.5 million "bakhokha intela engafinyelela ku-45%" - kuthi abadlali abahola ngaphezu kuka-R708 310 bona bahlukana no-41% wentela. 

"Yebo, mukhulu kakhulu u-45%. Ezweni engiphuma kulo intela uyikhokha ngokweminyaka okwazi ukuyisebenza noma yenkontileka yakho ngoba asikho isiqiniseko sokuthi ungaqhubeka nokusebenza uma inkontileka osuke uyisayinile isiphelelwe yisikhathi," kusho umthombo ongadalulwanga igama.

OLUNYE UDABA: Naba abadlali abahola kakhulu kunabo bonke kuPSL

"Ugcina usukhokha intela enkulu kunekhokhwa ngumuntu osesebenze iminyaka engu-20 enkampanini, ekubeni abadlali imvamisa bahlala amasizini amathathu kuphela nekilabhu.

"Njengoba thina sisebenza isikhathi esincane kangaka, u-45% mkhulu kakhulu. Ababaningi abadlali abadlala ibhola iminyaka eyevile kweyishumi.

"Sinemindeni, sinezingane kanti izinga lempilo likhuphuka njalo. Le nto kumele ishintshwe."

Iphephandaba iSunday Times yake yabika ukuthi uma umdlali weMamelodi Sundowns uKhama Billiat engasayina inkontileka entsha ufuna itshengise ukuthi intela izonyuka kanjani.

Leli phephandaba lathi lo mdlali uhola u-R160 000 ngenyanga kepha ugcina esegoduka no-R90 000.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-16°C Partly cloudy. Cool. Pta: 11-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Sunny. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...