IWits isisayine umgadli wase-Egypt osewine inqwaba yezicoco

2017-08-22 12:30

Cape Town - IBidvest Wits isimemezele ukuthi isisayine umgadli wase-Egypt, u-Amr Gamal, ngesivumelwano sokubolekiswa esizodonsa kuze kuphele isizini esuka kwi-Al Ahly.

 Le kilabhu yase-Egypt, enerekhodi lokuba ngompetha base-Afrika izikhathi ezingu-8, isanda kuqinisekisa ukusayina lo mdlali kwi-website yayo.

Ngokw-website yeKingfut, ezikamqeqeshi uGavin Hunt, amaClever Boys  azokhokhela i-Al Ahly isamba semali esingu-$200 000 ngalo mdlali.

OLUNYE UDABA: Umdlali welePSL kulindeleke asayine isivumelwano neqembu elikhulu laphesheya

Lo mdlali weqembu lesizwe e-Egypt waphekwa eqenjini labafana abancane kwi-Al Ahly kanti usevalele amagoli angu-29 emidlalweni elinganiselwa kwengu-100 kule kilabhu selokhu akhushulelwa eqenjini elikhulu ngo-2013. 

Lo mgadli oneminyaka engu-26 ubudala unezicoco enzintathu zePremier League, izicoco ezimbili ze-Egyptian Super Cups, yi-2013 African Champions League, i-2014 CAF Confederation Cup kanye neCAF Super Cups.

Emdlalweni olandelayo ezikaHunt zizotholana phezulu neFree State Stars eGoble Park ngoLwesithathu kanti zizobe zinethemba lokuthi lo mgadli wazo omusha uzoshayela labo mpetha bePSL amagoli abawadingayo.

Lo mdlalo uzoqala ngo-19:30 kusihlwa. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...