IWits isimkhombe indlela lowo owayengumdlali weBafana

2018-01-03 12:35

Johannesburg - Ompetha be-Absa Premiership iBidvest Wits sebemkhululile uSteven Pienaar ngemuva kwezinyanga eziyisithupha asayina kule kilabhu.

Ngemuva kokuwina isicoco seligi ngesizini edlule, iziTshudeni zikuthola kunzima kule sizini ukuwina njengoba zilele emsileni.

UPienaar ungomunye wabadlali abangenzanga kahle kwiWits kule sizini, kanti udlale imidlalo eyisithupha kuphela kwiligi, ikilabhu yabe isinquma ukumdedela.

OLUNYE UDABA: IChiefs ixoxisana neBaroka ngomdlali

"Ngeshwa, lento ayisebenzanga, sabe sesivumelana ngokudabula inkontileka futhi simfisela okuhle ngekusasa lakhe,” kusho umqeqeshi uGavin Hunt kwi-website ye-IOL.

Lo mdlali owayegijima kwi-Ajax Amsterdam, Borrusia Dortmund, Everton, Tottenham Hotspur nakwiSunderland, 35, wake wamataniswa ne-Orlando Pirates ngaphambi kokusayina kwiClever Boys.

Le kilabhu njengamanje isinezivumelwano noThobani Mncwango, Robyn Johannes kanye noDenis Weidlich, kanti u-Edwin Gyimah noLehlohonolo Majoro sekungabayo ngokugcwele.

“Indawo esihlezi kuyona kwilogi iyona esiphoqe ukuba senze izinguquko ngesikwati sethu,” kusho uHunt.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-29°C Showers late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C Showers late. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-24°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...