IWits ingase ishintshise ngabadlali bayo ukuze ithole owePirates

2017-08-07 14:01

Cape Town – Abanye babadlali beBidvest Wits bangase basetshenziswe ukuze kuqiniswe isivumelwano ne-Orlando Pirates esizokwenza ukuthi u-Abubakar Mobara aye kumaClever Boys.

Abadlali basesiswini, uJabulani Shongwe, uBen Motshwari noma uPhumlani Tshangase bangase basetshenziswe esivumelwaneni sokushintshisana ukuze iWIts izothola uMobara nobesanda kuyamaniswa nesivumelwano sokujoyina labo mpetha bePSL.

Isivumelwano singase senzeke phakathi kwalama qembu womabili nalapho abadlali ababili noma abathathu bengase bashiye noma kushintshiswane ngokaputeni uThulani Hlatshwayo.

OLUNYE UDABA:Umqeqeshi wePirates uthi umuntu nomuntu akenze 'aqashelwe khona'

UHlatshwayo usanda kuvuma ukuthi ungumlandeli wokuqina waMabhakabhaka nokuthi usenaso isifiso sokudlala kwiSoweto derby.

Khonamanjalo, iCEO yeWits, uJose Ferreira, udalule ukuthi le kilabhu ibingakasitholi isiphakamiso samakilabhu afuna uShongwe.

Sekuphele isikhathi esingangonyaka uShongwe eyamaniswa nokujoyina iKaizer Chiefs kanye ne-Orlando Pirates kanti njengoba sekusele izinyanga ezingaphansi kwezingu-12 nje kuphela kwinkontileka yakhe lokhu sekwenze lama hlebezi aqina, kodwa ayikho into ephathekayo esenzekile okwamanje.

UFereira utshele iKickOff ukuthi uma kungukuthi akukho okwenzekayo ngalo mdlali uzofakwa esikwatini sesizini ezayo. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...