ISupersports United idlulele kowamanqamu ku-MTN8

2017-09-10 09:04

Durban -  ISuperSport United isidlulele kowamanqamu ku-MTN8 Final ngemuva kokushaya iMaritzburg United ngo-3-1.

Lo mdlalo uqale kahle kakhulu womabili amaqembu abanisa okukhulu ukuzimisela, kodwa iSuperSport iyona ebhalise kuqala ebhodini ngemuva kwemizuzu engu-13 ngebhola elihle eliphakwe wu-Aubrey Modiba ephakela uJeremy Brockie.
 

Yize kunjalo iMaritzburg ayizange izibeke phansi ngoba ibilokhu ihlasele njalo kuSuperSport.

Lamaqembu womabili bewabonisa okukhulu ukuzimisela kungekho onika omunye ithuba.

ISuperSport iphuthume inqaku lesibili ngaphambi kwekhefu ngesikhathi uTeboho Mokoena ethola uBrockie ophuthume waqonda emapalini.

OLUNYE UDABA:Kunxuswe oweCity ukuthi ajoyine iSundowns ukuze ezonyusa izinga

UFadlu Davids uzamile ukushintsha izinto sebebuya ekhefini ngokufaka u-Andrea Feliccia noYazid Atouba.

Kubenzima kakhulu kwezaseMgungundlovu njengoba iSuperSport bekuyiyona ebilawula izinto ngesiwombe sesibili uReneilwe Letsholonyane noTeboho Mokoena bengazibekile phansi.

U-Eric Tinkler wenze ushintsho lokuqala ngemizuzu 66, ekhipha uBradley Grobler efaka okokuqala ngqa uSifiso Myeni.

Ngomzuzu 75, ufake uRonwen Williams ofike wenza umsebenzi oncomekayo ngokunqanda ibhola likaDeolin Mekoa elicishe labadalela inkinga, kubika iSoccer Laduma.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C More sun than clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Afternoon clouds. Warm. PE: 14-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...