ISuperSports idudule iPirates yayibeka eceleni - TKO

2016-11-27 09:00

Johannesburg - I-SuperSport United isizibhukhele indawo kowamanqamu kwi-Telkom Knockout ngemuva kokushaya iOrlando Pirates.

ISuperSports ishaye ezikaMagebhula ngo-1-0 kumdlalo wangoMgqibelo ebusuku, kubika iSoccer Laduma.

Lo mdlalo uqale kahle kakhulu womabili amaqembu abonisa okukhulu ukuzisela.

OLUNYE UDABA:Anethemba lokuwunqoba owanamuhla amaBhakabhaka

UThabo Mnyamane uke wazihlolela amanzi ngobhoko efuna ukubona ukuthi uzokwenzenjani uJackson Mabokgwane ngesikhathi ededela ishodi elihle kakhulu wamaBhakabhaka, 1-0.

Yize abedlala kahlekakhulu amabhakabhaka kodwa bahlulekile ukuvulela uTendai Ndoro amathuba amahle.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...