ISuperSport United yenqabe imali yeDowns ngomgadli

2017-08-09 10:04

Johannesburg - Kubikwa ukuthi iSuperSport United inqabe imali ebekwe etafuleni yiMamelodi Sundowns efuna umgadli uJeremy Brockie.

ISundowns isiqalile ukuthenga abadlali ngenhloso yokuqinisa isikwati sayo ngaphambi kokuqala kwesizini njengoba isithenge no-Oupa Manyisa kwi-Orlando Pirates futhi nezingxoxo zokuthola uGeorge Lebese weKaizer Chiefs ziyaqhubeka, kubika iKikcOff.com.

Isikhulu esiphezulu seSuperSport uStan Matthews sikuqinisekisile ukuthi bachithe okusha nokugcono okubekwe etafuleni ngoBrockie.

“UJeremy usalelwe yiminyaka emithathu kwinkontileka yakhe neSuperSport futhi asizimisele ngokumdayisa,” kusho uMatthews.

OLUNYE UDABA: IStas ingase isayinise ababedlalela iChiefs

“Empeleni ungithumelele i-email namhlanje efuna inkontileka yesivumelwano eside neqembu, ngakho ngasohlangothini lwethu asinankinga noJeremy. Siyamthanda, ungumgadli wokuqala ukushaya amagoli angu-20 ngesizini amasizini amabili elandelana emlandweni weSuperSport.”

“ISundowns ikhombisa ukuthi imdinga kakhulu. Babeke etafuleni ‘imali enhle’ impela kodwa kithina imali ayiyona yonke into futhi sifuna ukusiza umqeqeshi [u-Eric Tinkler] simnikeze ithuba lokusebenza ngeqembu eliwinayo. Ngakho uJeremy akadayisi.”

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers late. Morning clouds. Cool. Pta: 16-22°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 13-21°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 15-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Rain late. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...