ISuperSport United iyaqala ukunika umdlali inkontileka yeminyaka engu-5

2017-07-06 18:04

Durban - Iqembu iSuperSports United imemezele ukuthi isisayine inkontileya yeminyaka emihlanu nonozinti wayo uRonwen Williams.

Lo nozinti oneminyaka engu-25 ubudala wajoyina amaTsatsantsa ngonyaka ka-2005 ngemuva kokutonyulwa emidlalweni ye-Danone u12 emidlalweni yezikole ngo-2004.

Kusukela lapho wakhushulelwa ku-u19 ngesizini ka-2011/2012.

Lo nozinti usezohlanganisa imidlalo engu-200 naleli qembu kanti uyena mdlali ohamba phambili kubadlali abanomlando omude naleli wembu.

OLUNYE UDABA:UBaxter uzoqhubeka nokucija iSuperSport kuze kuphele isizini

Umphathi waleli qembu uStanley Matthews uthe: “Siyaqala ukunika umdlali inkontileka yeminyaka emihlanu kodwa siyibone emfanele uRonwen. Usesebenze kanzima ukuzibonakala kusukela eneminyaka engu-12.”

Lo mphathi uqhubeke wathi ukuzinikela lwalo nozinti kuleli qembu kuyancomeka kakhulu.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C a few tstorms. More clouds than sun. Cool. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-19°C Sunny. Mild. Bloem: 4-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...