ISuperSport United inqumele iSAFA noBaxter ugwayi katiki

2017-05-03 14:02

Johannesburg - ISuperSport United isinqumele iSAFA ugwayi katiki , yathi lungapheli usuku lwanamuhla ngoLwesithathu ingasithathile isinqumo ngokuthi ngabe iyamfuna yini uStuart Baxter.

I-United ngenyanga edlule yanikeza iSAFA imvume yokuba ixoxisane noBaxter ngodaba lomsebenzi wokuqeqesha iBafana Bafana.

IBafana kuze kube manje ayinaye umqeqeshi kulandela ukuxosha u-Ephraem Mashaba ngoDisemba nyakenye.

UMashaba wamangalela iSAFA kwi-CCMA ekhala ngendlela axoshwa ngayo, futhi wakubeka kwacaca ukuthi ufuna ukubuyiselwa emsebenzini wakhe.

OLUNYE UDABA: UBenni uthi akazi ukuthi yini ebambe iSAFA ngomqeqeshi weBafana

Okhulumela aMatsatsantsa uDavid Skhosane ukuqinisekisile ukuthi iSAFA noBaxter basalelwe wusuku lwanamuhla kuphela ukuba baphothule izingxoxo zabo.

"Isimo asikasintshi. Iqembu libanikeza olwanamhlanje kuphele ukuba baphothule izingxoxo,” kusho uSkhosane etshela iKickOff.com.

UBaxter kulindeleke abuyele ebhentshini uma iSuperSport isidlala neBloemfontein Celtic namhlanje ebusuku, ngemuva kokungeniswa esibhedlela ngeleldule exinwe ukugula.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...