ISuperSport United igaqele owePirates - Umbiko

2016-07-04 11:31

Johannesburg - Kubikwa ukuthi iSuperSport United ingelinye lamaqembu agaqele u-Thandani Ntshumayelo we-Orlando Pirates, umbiko.

Igama likaNtshumayelo lisohlwini lwabadlali okulindeleke badedelwe yiPirates ngaphambi kokuqala kwesizini, okubalwa kubona uYesser Mugwera, Filepe Ovono, Tshepo Gumede noRooi Mahamutsa.

Funda nalolu daba: UTeko usefuna eseMTN8

UBibo ufunwa nayiBidvest Wits, kodwa mancane amathuba okuba kuvunyelwane njengoba iWits kubikwa ukuthi ifuna imali enkulu ngoJabulani Shongwe obekulindeleke ukuba yena ajoyine iPirates.

"IWits izimisele ngoBibo,” kusho umthombo utshela iKickO.com. “Kodwa inkinga ukuthi bafuna imali enkulu ngoJabulani Shongwe ukuze ajoyine iPirates.

"ISuperSport manje nayo isikhombise ukumfuna.”

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Haze. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C More sun than clouds. Cool. PE: 13-18°C Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...