ISuperSport United ifuna ukuqeda kwi-top 8

2018-03-28 18:00

Johannesburg - Umdlali wasesiswini weSuperSport United u-Aubrey Modiba ukholelwa ukuthi bangakwazi ukuqeda kwi-top 8 kule sizini.

Okwamanje izinto kazibahambeli kahle kwi-Absa Premiership njengoba belele kunombolo 14 ekubeni sebesalelwe yimidlalo eyisithupha kuphele kule sizini.

ISuperSport isanqobe imidlalo eyisithupha kuphela emidlalweni engu-24 esayidlalile kanti izodinga amaphuzu agcwele kuyona yonke imidlalo ukuqinisekisa ukuthi Iqeda Iku-top 8.

“Okwamanje sisalelwe yimidlalo eyisithupha. Okusikhuthazayo ukuthi uma uwina uyasondela kwi-top 8. Lokho kuyasisiza ukuba siqhubeke nokubhukula ukuze sifinyelele kwi-top 8 njengokuba sifuna,” esho.

OLUNYE UDABA: Ludluliselwe kwi-Fifa olukaNdoro, wamiswa ekudlaleni ibhola

“Siyazi kunzima. Imidlalo ilandelana eduze, kodwa silitholile ikhefu kanti manje sesingagxila ekutholeni amaphuzu aphelele."

UModiba uthi bayayithanda indlela abajimisa ngayo uKaitano Tembo, oyibamba likamqeqeshi. Leli bamba lomqeqeshi elidabuka eZimbabwe lithathe izintambo ku-Eric Tinkler, owesule ngasekuqaleni lwenyanga kulandela ukungenzi kahle kwekilabhu.

AMatsatsantsa emdlalweni olandelayo azobhekana nePolokwane City, nayo engenzi kahle, ngo-Ephreli 4.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...