ISuperSport United ifake isicelo sokuba uhlehliswe owayo nePirates

2018-03-26 19:30

Johannesburg - ISuperSport United ikuqinisekisile ukuthi ifake isicelo sokuba kuhlehliswe umdlalo we-Absa Premiership okumele iwudlale ne-Orlando Pirates.

AMatsatsantsa, akwi-CAF Confederation Cup, bekulindeleke adlale nalezi zinkunzi zaseSoweto eMbombela Stadium ngo-Ephreli 7, kodwa leli qembu laseTshwane kuzodingeka liyobhekana neqembu laseKenya iGor Mahia FC emlenzeni wokuqala wama-play-off ngaleyo mpelasonto.

AMatsatsantsa azimisele ngokwehlula iGor Mahia FC ukuze ezodlulela emidlalweni yamaqoqo okwesibili iminyaka ilandelana, kulandela ukwehlulwa kowamanqamu ngonyaka odlule.

OLUNYE UDABA: USangweni akakafinyeleli ezingeni esilifunayo - Micho

Okhulumela i-United, uDavid 'Mazolman' Skosana, ukuqinisekisile ukuthi bafuna uhlehliswe lo mdlalo wabo neBhakabhaka.

"Yebo, sifuna uhlehliswe. Umdlalo [wethu nePirates] uzoba ngempelasonto eyodwa nalowo esizowudlala neGor Mahia kwi-CAF,” esho.

I- PSL, ngakolunye uhlangothi, ingase iphoqeleke ukuba ihlele kabusha usuku lomdlalo wokugcina weMamelodi Sundowns okumele iwudlale neBloemfontein Celtic eDr Molemela Stadium ngoMeyi 12 ngenxa yokuthi izobe idlala kwiChampions League.

ISundowns kulindeleke ilibhekise eGuinea ukuyobhekana neHoroya ngoMeyi 15.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...