ISuperSport inike iSAFA igunya lokuxoxa noBaxter

2017-03-31 09:31

Johannesburg - Imenenja kaStuart Baxter ikuqinisekisile ukuthi iSAFA ikhulume nomqeqeshi weSuperSport United mayelana nomsebenzi weBafana Bafana.

"Yebo, kuyiqiniso ukuthi iSAFA ikhulume nekhasimende lami,” kusho imenenja kaBaxter uSteve Kapulschnik.

"UBaxter ugxile emdlalweni olandelayo abazowudlala neBaroka [ngoMgqibelo] sizobe sesihlangana ngemuva kwalokho ukuthatha isinqumo.”

OLUNYE UDABA: Asephelile amathikithi omdlalo weChiefs ne-Acornbush

UBaxter wayengumqeqeshi weBafana kusukela ngoMeyi 2004 kwaze kwaba uNovemba 2005 kanti wanqoba imidlalo eyishumi kwengu-23 wadlala ngokulingana kweyisithupha wehlulwa kweyisikhombisa.

ISAFA ifuna umqeqeshi ozongena endawemi kaShakes Mashaba, eyamxosha ngoNovemba ngonyaka odlule.

Khonamanjalo, iSuperSport kuthiwa yazise abadlali bayo ngoLwesine ukuthi iSAFA inikwe igunya lokuba ikhulume noBaxter.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-30°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-26°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-27°C Rain early. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 21-31°C Isolated tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 19-25°C Passing showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...