ISuperSport ihlabane nethenda ye-Absa Premiership TV

2017-12-06 16:00

Cape Town - ISuperSport idle umhlanganiso yathola amalungelo okusakaza imidlalo ye-Absa Premiership yaseNingizimu Afrika kulandela ukukhishwa kwethenda.

Lokhu kusho ukuthi iSuperSport izoqhubeka nokusakaza imidlalo ye-Absa Premiership eminye iminyaka emihlanu, okuqinisa ubudlelwano obukhona beminyaka eyishumi.

“Siyajabula ukuphumelela esicelweni sethu ebesisifakile,” kusho uGideon Khobane, oyisikhulu esiphezulu seSuperSport.

“Lesi sinqumo sivumela ukuthi siqhubeke nokuhlinzeka abantu ngebhola elisezingeni. Kumele sibonge i-Absa Premiership ngokusethemba ngomkhiqizo wayo.

OLUNYE UDABA: I-PSL isikugunyazile ukuthengwa kweThanda uSuthu

"Njengoba sisanda kubungaza iminyaka eyishumi sisebenzisana ne-Absa Premiership, leli yithuba eliyingqayizivele lokusiza ekukhuliseni nasekufukuleni ibhola lezinyawo kuleli. Lesi sivumelwano sizokwenza lukhulu ebholeni laseNingizimu Afrika, abadlali kanye nasemindenini yabo uqobo."

Imidlalo ye-Absa Premiership iyisisekelo sebhizinisi lokusakaza kwiSuperSport, ngenxa yokuthi iligi ithakaselwa kakhulu kuleli.

“Sizoqhubeka nokuhamba leli banga lokusebenzisana ne-Absa Premiership.”

USihlalo we-Absa Premiership u-Irvin Khoza uthe: "I-Absa Premiership ijabule kakhulu ngokuthola ithuba lokuqhubeka nokusebenzisana neSuperSport."


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...