ISuperSport ifuna ukubuyisa izinduku zika-5-0 kuSundowns

2017-04-19 16:01

Cape Town – ISuperSport United izobe ibheke ukuziphindiselela kuMamelodi Sundowns uma ngabe la maqembu angomkhaya esehlangana emdlalweni we-Absa Premiership eLucas Moripe Stadium.

ISuperSport yashaywa okwesibili imidlalo ilandelana ngesikhathi ibhaxatshulwa ngo-5-0 yiSundowns ngomhlaka-13 ku-Ephreli.

Leli qembu laseTshwane seliqoqe amaphuzu angu-21 emidlalweni engu-10 yasekhaya kule sizini.

Kuyimanje aMatsatsantsa ahleli endaweni yesihlanu kwi-log ye-Absa Premiership nalapho enamaphuzu angu-37 ngemuva kwemidlalo engu-22.

Ngakolunye uhlangothi, iSundowns yona izitholele iwini yayo yesibili imidlalo ilandelana ngesikhathi ishaya iFree State Stars ngegoli elilodwa eqandeni ngomhlaka-16 ku-Ephreli.

OLUNYE UDABA: UManyama noNgoma baphika amahlebezi okushiya iCity

Leli qembu seliqoqe amaphuzu angu-17 emidlalweni engu-10 eliyidlale ngaphandle kule sizini.

Kuyimanje amaBrazilians ahleli endaweni yesine ku-log ye-Absa Premiership nalapho enamaphuzu khona angu-41 ngemuva kwemidlalo engu-21.

ISundowns neSuperSport sebedlale imidlalo engu-50 yeligi kusukela ngonyaka ka-1990.

AmaBrazilians asewine imdlalo engu-26 uma kuqhathaniswa naMatsatsantsa wona asawine engu-14, kwase kwathi imidlalo engu-11 badlala ngokulingana.

Ngesikhathi la maqembu ehlangana ngesonto eledlule, amaBrazilians athele labo mkhaya babo basePitoli ngehlazo lika-5-0 enkundleni yezemidlalo iLoftus Versfeld.

ISundowns isiwine imidlalo engu-6 ilandelana emidlalweni yayo eyedlule neSuperSport nalapho umphumela wamagoli sekuhlanganiswe le midlalo (aggregate) kungu-17-2.

Lo mdlalo uzoqala ngo-19:30 ngoLwesithathu kusihlwa.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers late. Morning clouds. Cool. Pta: 16-22°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 13-21°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 15-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Rain late. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...