ISuperSport ichithe isicelo sokushiya sofunwa uPitso

2017-08-28 11:00

Cape Town - ISuperSport United isichithe isicelo sokushiya somgadli wayo oyisethenjwa, uJeremy Brockie, le kilabhu iqinisekise lokhu ngeSonto.

Le kilabhu inikele kuFacebook iqinisekisa isinqumo sayo esitatimendeni ngesikhathi iqinisekisa ukuthi lo mdlali ongowokudabuka eNew Zealand angeke aze adayiswe.

“Ikilabhu ingathanda ukukuqinisekisa ngokusemthethweni ukuthi uJeremy Brockie ufake isicelo sokuhamba ngesonto eledlule nesichithiwe yibhodi leSuperSport United.

“Lo mgadli waMatsatsantsa angeke aze adayiswe kunoma iyiphi ikilabhu nganoma iyiphi imali,” isitatimende besifundeka kanjalo.

OLUNYE UDABA: UPitso ufuna uBrockie azovala indawo kaBilliat

UBrockie ubengekho nhlobo esikwatini saMatsatsantsa emdlalweni owandulela owamanqamu womqhudelwano we-MTN8 neMaritzburg United, yize noma kade ekulungele ukudlala.

Lo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala, nokuwuyena owashaya igoli lokuqoba le-United nokuyilona elafaka leli qembu kulesi sigaba, wahlaliswa ebhentshini ngesikhathi leli qembu lishaya iKaizer Chiefs emdlalweni wePremiership njengoba iqhubeka imibiko emyamanisa nompetha base-Afrika, iMamelodi Sundowns.

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, akakufihli ukuthi uyamhalela lo mgadli weqembu lesizwe eNew Zealand, futhi usekubeke kwacaca ukuthi le kilabhu ifuna ukusayina ‘unyazi’ lo mgadli oluzokwazi ukushaya inqwaba yamagoli. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Morning clouds. Cool. Pta: 19-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C a few showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 14-25°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...