ISundowns izophinde izame ukuthenga umdlali weSuperSport

2017-11-28 16:01

Johannesburg - IMamelodi Sundowns ilungiselela ukuzama kabusha ukuthola umgadli weSuperSport United uJeremy Brockie njengoba kuzovulwa iwindi lokuthengiselana ngabadlali ngoJanuwari.

Ngokomthombo osondelene nalolu daba, amaBrazilian ahlela ukudedela umdlali waseColombia, uLeonardo Castro, ekuqaleni konyaka omusha, avale indawo yakhe ngoBrockie.

"Sekuke kwabakhona ukuxoxisana okungatheni ngalolu daba, kodwa izingxoxo ezihleliwe zizobanjwa emasontweni ambalwa ezayo,” kusho umthombo.

"Akuyona imfihlo ukuthi uJeremy Brockie ufuna ukudlalela iMamelodi Sundowns ngonyaka ozayo."

OLUNYE UDABA: IPirates iqede isinyama

Okhulumela iSuperSport uDavid Skhosane uthi ikilabhu izolubhekisisa ngoJanuwari udaba lukaBrockie.

"Asifuni ukuphazamiseka manje. Sifuna ukugxila kwiligi. Abanye abantu sebedlale imidlalo engu-12, thina sisadlale imidlalo emihlanu, kudingeka sibafice.

"Udaba lukaBrockie sizolubona ngoJanuwari."

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Pta: 10-25°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 5-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 13-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...