ISundowns iyozilungiselela iPSL eTanzania

2017-01-31 18:01

Cape Town - IMamelodi Sundowns isihlabe indiza eya eTanzania nalapho izodlala khona imidlalo yobungani ne-Azam kanye ne-African Lyon njengoba izilungiselela khona ukuqala kwengxenye yesibili yesizini ye-Absa Premiership.

AmaBrazilians azobe ezinze eDar es Salaam nalapho kuhlelwe ukuthi adlale imidlalo emibili.

OLUNYE UDABA: IMamelodi Sundowns izobhekana nelaseZimbabwe

EzikaPitso Mosimane zizobhekana nompetha beTanzania Premier League kunyaka ka-2014, i-Azam ngoLwesithathu. ngomhlaka-1 kuFebhuwari ngo-19:00.

NgoLwesine, ngoFebhuwari mhlaka-2, izobe isitholana phezulu ne-African Lyon, esanda kunyuselwa esigabeni esephezulu, ngesikhathi esifanayo kusihlwa.

Imidlalo yePremier Soccer League (PSL) izoqhubeka ngenyanga ezayo nalapho leli qembu lizotholana khona phezulu neBloemfontein Celtic ngoLwesithathu mhlaka-8 kuFebhuwari.

Lezi zinkunzi zase-Afrika zinemidlalo eminingi esondelene  eduze njengoba kusamele zidlale imidlalo eyahlehliswa, ngenxa yokubamba kwazo iqhaza kuCAF Champions League.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...