ISundowns iyohlale iyikhaya kumina - Ben 10

2016-11-09 14:31

Johannesburg - Lowo owayengumdlali weMamelodi Sundowns, uBongani Zungu, usecacise ngamahlebezi athi angase abuyele eChloorkop.

Phambilini kubikwe ukuthi iSundowns ifuna ukumbuyisa lo mdlali, ngokuthi imboleke, ukuze ezothola ithuba lokudlala njengoba esanda kwelulama ekulimaleni kwakhe.

Kodwa, ngaleso sikhathi lo omdlali wazwakalisa ukubamanqika ngokubuyela eNingizimu Afrika ngokushesha.

OLUNYE UDABA: IChiefs ingase imangalele uKhune

Engxogxweni abenayo neSoccer Laduma, lo mdlali oneminyaka engu-24 ubudala uthe iSundowns iyohlale iyikhaya lakhe, kodwa okwamanje usagxile eqenjini lakhe elisha lasePortugal, iVitoria Guimaraes SC.

“Leli qembu liyanginakekela, liyangithanda futhi yingakho lingisayinisile. Ngiyazi ukuthi uma ngifuna ukubuyela kwiSundowns, bazongamukela, kodwa kwangithusa ukuzwa lezi zindaba ezindabeni ngoba umqondo wami ulapha ePortugal futhi ngifuna ukugxila lapha,” kusho uZungu.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...