ISundowns ithi abayo abadlali abagijima kuWits

2017-05-17 16:02

Cape Town – IMamelodi Sundowns imangaze abaningi idalula ukuthi umdlali ogijima esiswini, uMogakolodi Ngele, kanye nomgadli, uCuthbert Malajila, basenezinkontileka nalabo mpetha base-Afrika.

Ngaphambi kokuba kuqale isizini kwabikwa ukuthi laba dlali sebesayine neBidvest Wits, njengengxenye yesivumelwano esaholela ekutheni umdlali weqembu lesizwe, uSibusiso Vilakazi, aye eChloorkop .

OLUNYE UDABA: UGavin Hunt uncome imisebenzi yeMamelodi Sundowns

Kodwa-ke iSundowns isikhiphe isitatimende nalapho ithi umqeqeshi weWits, uGavin Hunt, angeke aze alisebenzise ithuba lokwenza isivumelwano ‘sokuboleka’ sibe ngesigcwele ekupheleni kwesizini.

“Abadlali okumanje bakuBidvest Wits akukho abangakwenza kodwa ukubuyela emuva eChloorkop ngemuva kwemidlalo yokugcina yeligi,” sifundeka kanjalo isitatimende esishicilelwe kwi-website yale kilabhu.

“Umqeqeshi uGavin Hunt akakaze alisebenzise ithuba lokugcina abadlali ababili ngesivumelwano esigcwele eqenjini lakhe, njengoba bebonakala bengekho ezinhlelweni zakhe zesizini elandelayo.”

La badlali bePremiership asebenesipiliyoni sebevalele enethini amagoli angu-10 phakathi kwabo kule sizini nabawashayele iClever Boys esethubeni lokuthatha isicoco seligi kuyimanje. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Heavy rain. Morning clouds. Cool. Pta: 16-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-26°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-30°C High level clouds. Warm. PE: 16-21°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...