ISundowns imemezele ukuthi isayinise omunye umdlali wangaphandle

2017-02-08 15:35

Johannesburg - IMamelodi Sundowns isiqinisekise ukuthi isayinise umdlali wasemuva odabuka ezweni i-Algeria, uFares Hachi.

IDowns, ngemuva kokusayinisa uHachi, isinabadlali abahlanu okungabangaphandle kule sizini.

“IMamelodi Sundowns iyakuqinisekisa ukuthi isayinise umdlali wasemuva odabuka e-Algeria, uFares Hachi, obesephelelwe yinkontileka yakhe neqembu i-ES Setif kanti ubengasenalo iqembu,” kuqinisekisa iSundowns kwi-website yayo.

OLUNYE UDABA: UKomphela uchazekile ngomgadli omusha

"Ukusayiniswa kukaHachi kuphothuliwe kanti usebhalisiwe ngaphansi kwe-PSL. Uhamba neqembu ukuyodlala neBloemfontein Celtic futhi angase adlale.

“Siyamthanda, futhi okubalulekile ukuthi naye ufuna ukudlala lapha (eNingizimu Afrika) futhi ufuna ukudlala imidlalo ye-CAF,” kuqhuba uMosimane.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-23°C High level clouds. Mild. Pta: 19-28°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-24°C Showers late. Broken clouds. Mild. Bloem: 16-25°C Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 21-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 19-26°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...