ISundowns ihamba phambili kumakilabhu agaqele uJali

2018-03-26 17:59

Johannesburg - Sekuputshuke imibiko eveza ukuthi iMamelodi Sundowns ihamba phambili emaqenjini agaqele ukusayinisa umdlali olishikisha esiswini, u-Andile Jali.

Lo mdlali weBafana Bafana usevele umemezelile ukuthi ufuna ukubuyela ekhaya uma isiphelelwa yisikhathi inkontileka yakhe nekilabhu ayidlalelayo yaseBelgium, i-KV Oostende, ngasekupheleni kwesizini.

UJali, oshelwa ngamanye amakilabhu aseSweden naseFrance, uphinde ayamaniswe nekilabhu yakhe yakudala i-Orlando Pirates, kanti iKaizer Chiefs neSuperSport United nawo kuthiwa amgaqele.

Ngokusho komthombo osondelene kakhulu nabaphathi bezindaba zalo mdlali, iSundowns ibeke etafuleni isiphakamiso esiconsisa amathe.

OLUNYE UDABA: ‘U-Andile Jali kumele abuyele ekhaya kwiPirates’

Empeleni, ngokuqonda kweKickOff.com uJali useke wahlangana nomqeqeshi weSundowns uPitso Mosimane.

"IPirates neSundowns bayamfuna kakhulu lo mdlali. Njengamanje iSundowns ibhukulela ukuthi isayinise lo mdlali kungekudala," kusho umthombo.

"IPirates nayo asikwazi ukuyishiya ngaphandle, kepha kunezinkomba ezinqala zokuthi lo mdlali uzosayina neDowns," esho.

Ngenxa yokuthi usesezinyangeni eziyisithupha zenkontileka yakhe, uJali ukhululekile ukuba angakhuluma namanye amakilabhu ngekusasa lakhe.

Okhulumela iDowns uThulani Thuswa akatholakalanga ukuba aphawule.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...