ISundowns ezingxoxweni nabadlali abathathu efuna ukubagcina

2017-06-28 07:01

Cape Town - IMamelodi Sundowns iphezu kwemizamo yokugcina abadlali bayo abahlukene okubalwa kubo umdlali wasesiswini, u-Asavela Mbekile, kanye nomdlali wasemuva, uThabo Nthethe, ngesizini ezayo, kubika iKickOff.com.

Ngemuva kokuqinisekisa ukuhamba kukaTeko Modise namhlanje, iSundowns kuyimanje isezingxoxweni nabanye abadlali abaningi.

OLUNYE UDABA: Kuphelile phakathi kweDowns noTeko

Unozinti waleli qembu, uWayne Sandilands, ubelokhu esezingxoxweni naleli qembu elizinze eChloorkop njengoba inkontileka yakhe, kanjalo nekaMbekile kanye noNthethe, ziphela ngalolu Lwesihlanu.

Okhulumela amaBrazilians, uThulani Thuswa, ukuqinisekisile ukuthi labo mpetha base-Afrika baxoxisana nala badlali abathathu.

“UTeko kuphela oseshiyile, abanye sisaxoxisana nabo,” uThuswa utshele iKickOff.com.

ISundowns inezinsuku ezintathu kuphela ukuqinisekisa ikusasa lala badlali ngaphambi komdlalo obalulekile we-CAF Champions League neSt Goerge, e-Ethiopia.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-27°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...