ISundowns ayingasheshe ijabule, kusho umqeqeshi

2017-03-11 13:26

Johannesburg - Umqeqeshi weKampala City Capital Authority, uMike Muteba, uthi igoli abalifake ekuhambeni ngesikhathi bedlala neMamelodi Sundowns yilo elibanikeza isibindi nokuzethemba emdlalweni wesibili emlenzeni wokuqala ngoMgqibelo ozayo.

La maqembu abegadulisana kowomzuliswano wokuqala weChampions League, kubika iKickOff.com.

IDowns iguqise i-KCCA ngo-2-1 kulo mdlalo obuseTshwane ngoLwesihlanu ebusuku.

"Igoli esilifake ekuhambeni lisinika isibindi,” kusho uMutebi ngaphambi komdlalo wangesonto elizayo ozoba seKampala.

OLUNYE UDABA: ''Downs ikhala ngemali eyayisebenzisa ngoManqele'

“Niwubonile umdlalo, besingazile la ukuzopaka ibhasi. Nayo iSundowns ibingasinike thuba ihlasela, yenza edume ngazo. Ngikholelwa ekutheni uma siqhubeka sidlala ngale ndlela uma sebeze eKampala, izinto zizohamba kahle.

“Libaluleke kakhulu igoli esilifake ekuhambeni ngoba lisho ukuthi umdlalo olandelayo uzobe usezandleni zethu. Lokho kusinika isibindi.”

Kulo mdlalo obuseLucas Moripe Stadium, izivakashi ziqale zatshengisa ukubhacaza umdlalo usaqala, kepha kwathi ngokuhamba kwesikhathi zashintsha izinto.

“Besidlala nezingqwele zalo mqhudelwano. Abadlali beDowns bahlonishwa kakhulu, kepha kuthe umdlalo uma uqhubeka saba nokuzethemba,” kusho uMutebi.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 11-27°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 7-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Morning clouds. Warm. PE: 17-31°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...