ISundowns ayeneme ngokuhlelwa kwemidlalo okuvuna iPirates

2018-03-23 18:00

Johannesburg - IMamelodi Sundowns neCape Town City bazobhalela iPremier Soccer League ngenhloso yokuyicela ukuba ibuyekeze ukuhlelwa kwemidlalo yala maqembu womabili koweNedbank Cup ngomhlaka-1 Ephreli.

Womabili la makilabhu anxuse ukuba le midlalo yama-quarterfinal ezobanjelwa eCape Town Stadium idlalwe ngoMgqibelo, mhlaka-31 Mashi, kepha lesi sicelo sachithwa yi-PSL, kubika iSowetan.

ISundowns‚ eshiya i-Orlando Pirates ngephuzu elilodwa emjahweni wesicoco seligi, icele ukuba idlale ngoMgqibelo ukuze izothola izinsuku zokuphumula njengoba ngemuva kwalo mdlalo izogadulisana neChippa United eLoftus Versfeld ngomhlaka-4 Ephreli.

OLUNYE UDABA: I-PSL isicele uBenni ukuba achaze ngokuphawula akwenza ngonompempe

IPirates izobe ingadlali kwiNedbank Cup, njengoba isiphumile kulo mqhudelwano, ngaphambi kokuba idlale neBloemfontein Celtic koweligi ngomhlaka-4 Ephreli. Lokhu kusho ukuthi lo mdlalo izowudlala ngemuva kwekhefu leFifa lamasonto amabili.

ISowetanLIVE ilunywe indlebe ngokuthi izikhulu zeDowns zizamile ukubonisana ne-PSL ngalo mdlalo ozovuna iPirates kuphela emjahweni weligi, kepha kwazinhlanga zimuka nomoya.

ICape Town City ithi noma ingasasithathanga eseligi kepha izimisele ngokuqeda ngegiya eliphezulu.

USihlalo weCity uJohn Comitis uthe "ujabhe kakhulu ngesinqumo se-PSL futhi akagculisekile ngokuhlelwa kwemidlalo".

Udaba oluphelele lapha.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...