IStars sesisayine umdlali weMamelodi Sundowns

2017-08-31 16:01

Cape Town - IPlatinum Stars isisayine uBonginkosi Ntuli ngesivumelwano sokubolekiswa isizini evela kwiMamelodi Sundowns.

Ngonyaka ka-2014 lo mdlali wasayina isivumelwano seminyaka emithathu namaBrazilians kodwa wabe esebolekiselwa AmaZulu ngemuva kokuhluleka ukuba yingxenye yeqembu lokuqala.

OLUNYE UDABA: Ifu elimnyama eNaturena kudlula emhlabeni omunye wabaqeqesha iChiefs

Kumasizini amabili edlule, lo mdlali ohlaselayo wabolekiswa kwiDikwena futhi uzobe ethembe ukuthi uzothola isikhathi sokudlala.

“Sijabule ukumemezela ukusayina uBongani Ntuli ngesivumelwano sokubolekisa,” kusho le kilabhu kwi-account ye-Twitter.

IDikwena izobuyela kwiPremiership ngoLwesibili, ngoSepthemba 12 nalapho izobe izobhekana neSuperSport United eLucas Moripe Stadium.

Lo mdlalo uzoqala ngo-19:30.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...