IStars ithi akekho ezingeni umgadli owachithwa yiChiefs

2017-07-17 12:34

Johannesburg - Umqeqeshi weFree State Stars uSammy Troughton usedalule ukuthi kuze kube manje ithimba labaqeqeshi alikagculiseki ngomgadli u-Edward Manqele njengoba ezama inhlanhla kubona.

UManqele, 30, kuthiwa nokugijima kwakhe akukho sezingeni ukuba angadlala njengoba eqhubeka nokuzilolonga neStars.

Lo mdlali uthole ithuba lokudlala ngesikhathi iStars idlala neKaizer Chiefs emdlalweni wamanqamu eBokone Bophirima Maize Cup ngoMgqibelo.

OLUNYE UDABA: IPirates isayinise umdlali weDowns

UManqele, odedelwe yiChiefs ngo-Ephreli unethemba lokuthi uzothola inkontileka kwiStars kodwa okwamanje uyehluleka ukugculisa abaqeqeshi.

"Cha, okwamanje ubengakasayini. Akakulungele ukudlala,” kuchaza uTroughton.

Uqhube wathi bafuna ukubona izinga akulona kodwa okwamanje kubukeka sengathi kuzothatha isikhathi ngaphambi kokuba abe sezingeni abalaziyo ngaye.

- KickOff.com

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...