IStars ingase isayinise ababengabagadli beChiefs

2017-08-08 14:04

Johannesburg - IFree State Stars ingase isayinise ababengabagadli beKaizer Chiefs u-Edward Manqele noSiphelele Mthembu.

Laba badlali ababili bazilolonga neStars kanti uManqele sekuphele inyanga ekhona ekubeni uMthembu yena efike ngeledlule.

URantsi Mokoena, oyiMenenja yeStars, utshele iKickOff.com ukuthi uzoba nomhlangano nezimenenja zalaba badlali.

“Ngihlezi nemenenja yakhe,”  kusho uMokoena ekhuluma ngoManqele. “Sigculisekile ngalokho esikubonayo,” esho.

UManqele udedelwe yiChiefs ngo-Ephreli ngemuva kwezinyanga ezingu-19 ezinzima kulandela ukuyijoyina esuka kwiChippa United.

OLUNYE UDABA: Usephumile esibhedlela owayengumgadli weChiefs

“Ngizobe ngihlezi nemenenja yakhe,” kusho uMokoena ekhuluma ngoMthembu.

UMthembu, oneminyaka engu-30 ubudala, ushiye iChiefs ekupheleni kukaJuni ngemuva kokungavuselelwa kwenkontileka yakhe.

UMthembu wajoyina iChiefs ngenkontileka yeminyaka emithathu esuka kwiPlatinum Stars ekuqaleni kwesizini ka-2014-15.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Morning clouds. Cool. Pta: 19-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C a few showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 14-25°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...