Isimemezele umqeqeshi omusha i-Free State Stars

2015-12-31 14:15

Johannesburg - IFree State Stars isiqoke uGiovanni Solinas wase-Italy njengomqeqeshi omusha, kanti uzosizwa uBradley Carnell owayengumdlali weBafana Bafana.

Lo mqeqeshi oneminyaka engu- 47 ubudala osesebenze emazweni afana nase-Algeria, uzongena esikhundleni sika-Ernest Middendorp, othathe izintambo kwiMaritzburg United.

Funda nalolu daba: Abadlali akumele banabukeliswe - Mosimane

“IFree State Stars FC iyajabula ngokumemezela ukuthi isiqoke uGiovanni Solinas njengomqeqeshi omusha, nakuba kusamele athole izincwadi zemvume yokusebenzza kuleli,” ngokwesitatimende se qembu kwi-website.

“USolinas uzosebenzisana nowayengumdlali weBafana Bafana uBradley Carnell, onolwazi olunzulu ngebhola laseNingizimu Afrika oluzosiza umqeqeshi omusha.”

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...