Isikhulu sinengwe yinkulumo kaJomo Sono

2016-05-10 17:00

Durban – Umnikazi weMritzburg United, uFarook Kadodia udinwe ukhahlela izidindi ngenkulumo ka-Ephraim “Jomo” Sono, ongumnikazi nomqeqeshi weJomo Cosmos.

Imizamo yokuvika izembe kwala maqembu sekuphendule abaphathi bawo izitha.

ICosmos isolwa ngokuphambana nemigomo ngokudlalisa umdlali uThabo Modida, njengoba kuthiwa lo nozinti akwabhalisile ngokugcwele, kubika iLANGA.

EZenkosi zisola iTeam of Choice ngokulandelela lolu daba ngoba nakhu isemsileni we-PSL.

OLUNYE UDABA: OweMaritzburg akathukile ngezimatanisa uKomphela neBucs

EzikaSono zithi ezikaKadodia zizama ukuzihudulela otakwini ezikulo.

UKadodia uthi kumcasule kakhulu ukukhulula kukaSono asole iMaritzburg ngokumfakela icala.

Uthi ngokwazi kwakhe iSafa yiyo emangalele iCosmos: “Mina ngingenaphi ezindabeni zeCosmos, iyangicasula le ndaba.”

Uthe akungakhishelwa kubo isibhongo, basolwe ngento abangayazi.

USono akazange atholakale ukuba aphawule. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Sunny. Cool. Pta: 6-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-19°C Sunny. Mild. Bloem: -5-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C Sunny. Cool. PE: 10-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...