Isikhulu seqembu sikhwele sadilika kuPitso Mosimane

2017-05-11 11:04

Cape Town – Usihlalo weCape Town City, uJohn Comitis, usekhwele wazehlela kumqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, ngokuzama ukushela umdlali weqembu lakhe ongesinye sezethenjwa, u-Aubrey Ngoma.

UComitis uthi uMosimane wamfonela yena ngokwakhe uNgoma ngaphambi kosuku iCity idlale umdlalo obalulekile we-Absa Premiership neMaritzburg United nokuwumdlalo eyagcina ihluliwe kuwona.

Lesi sikhulu esasingumphathi we-Ajax Cape Town ngaphambilini sichaze lokhu njengemizamo yokuphazamisa leli qembu ukuze lingeke lisithathe isicoco sePremier Soccer League ngemuva kokuthi uMosimane avele adalula bukhoma kumabonakude ukuthi ufuna ukaputeni weCity, uLebogang Manyama.

OLUNYE UDABA: Umqeqeshi welePSL ugxeka uPitso ‘ngokucathamela’ abadlali ‘nokukhuluma kakhulu’

Isitatimendeni esikhishwe uComitis, usole uMosimane ngokuthi wathembisa uNgoma izigidi zamarandi uma ejoyina iSundowns ngonyaka ozayo.

“Lokhu ukuphulwa okukhulu kwemithetho yeFIFA olawulwa ukuthengwa kwabadlali njengoba engekho umdlali ongathintwa ngqo ebe esenenkontileka nenye ikilabhu.

“Lena yiSouth African Primier League, hhayi iSundowns Wishlist League. Isikhwama semali angeke sidlale ohlangothini lesinxele, kodwa u-Aubrey angakwazi. Angiyidingi imali, ngidinga abadlali abasezingeni eliphezulu, futhi njengamanje yilokho enginakho.

“Bona banganginika uTau? Bona bangakinika uBilliat? Cha. Kodwa ngesizathu esithize banokuzithwala bokucabanga ukuthi bafanelwe yiwo wonke umdlali ophezulu. Mhlawumbe manje sebecabanga ukuthi sebengaphezu kweNingizimu Afrika. Ubani owaziyo?” kukhononda uComitis.

Uthi yena njengoba efuna uTau uzobhalela iSundowns incwadi, hhayi ukuthi akhulume noTau ngqo.

Zifundele isitatimende esiphelele seCapeTown City lapha.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 14-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...