Isikhulu seHighlands Park sinethemba lokuthi bazohlala isikhathi eside ku-PSL

2018-04-10 12:31

Johannesburg - Omunye wabaqondisi beHighlands Park uBrad Kaftel ukholelwa ukuthi bakulungeke kangcono manje ukudlala ku-Absa Premiership.

ILions of the North yadliwa yizembe ku-PSL ngesizini edlule, kodwa isibuyelile ngemuva kokuwina emdlalweni obungempelasonto.

Banyukele kwi-PSL kusasele imidlalo emine kuphothulwe isizini kwi-NFD kulandela ukushaya ngo-5-1 i-University of Pretoria eMakhulong ngoMgqibelo.

“Ngiyajabula kakhulu. Ekugcineni! Ngicabanga ukuthi sithole okusifanele,” kusho uKaftel etshela iKickOff.com.

OLUNYE UDABA: UPitso uthi iPirates isiyayizwa manje ingcindezi

“Sisalelwe yimidlalo emine kodwa siyajabula kakhulu ukuthi sesibuyile. Ngicabanga ukuthi imfihlo ukuthi uma udliwe yizembe ku-PSL kumele uzame ukubuya ngesizini ezayo.”

Uthi kunzima ukubuyela ku-PSL uma ugawulwe yizembe, isibonelo nje amaTuks, iJomo kanjalo neBlack Leopards.

UKaftel uphinde wancoma kakhulu ithimba labaqeqeshi eliholwa yilowo owayengumsizi womqeqeshi weBafana Bafana u-Owen da Gama.

Uthi inselelo manje ukuqinisekisa ukuthi ikilabhu iyahlala ku-PSL.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...