Isikhulu seChiefs sibongele iSundowns ngokuthola inkanyezi

2016-10-24 12:31

Johannesburg – Isikhulu seKaizer Chiefs, uKaizer Motaung, usehalalisele iMamelodi Sundowns ngokuba yizingqwele zase-Afrika kowe-CAF Champions League.

ISundowns iyiqembu lesibili eNingizimu Afrika ukudla umhlanganiso kulo mqhudelwano, kubika iKickOff.com.

Yagcina ithathwe yi-Orlando Pirates ngo-1995, kanti iSundowns ikwazile ukuqopha omunye umlando ngesikhathi ishaya iZamalek ngo 3-1 sekuhlangene imilenze yomibili.

"Ngimele umndeni waMakhosi, ngithanda ukuhalalisela aMasandawana ngokunqoba i-CAF Champions League,” kusho uMotaung ecashunwa yi-website yeqembu.

"Sithanda ukubongela iqembu lonke ngokuzimisela. Ngabe ngenza iphutha uma ngingambalanga umnikazi weDowns uPatrice Motsepe ngokutshengisa ubuholi nokutshala imali ekuthuthukiseni ibhola lakuleli.”

Uthe ukunqoba kweDowns kuvulele iNingizimu Afrika iminyango eminingi.

“Siyanibongela, wuthokozeleni lo mzuzu wentokozo,” esho.

Namanye amaqembu athulele iDowns isigqoko.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 12-22°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 9-19°C Morning clouds. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Scattered showers. Afternoon clouds. Cool. PE: 16-21°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...