Isicoco sizomuka nabatshengisa ukusilambela - Teko

2018-02-02 11:00

Cape Town - Umdlali wasesiswini kwiCape Town City uTeko Modise unethemba lokuthi amaCitizens asengakwazi ukuphendula amatafula kwiPremiership agudluze iMamelodi Sundowns esicongweni, esho ngaphambi komdlalo wangoLwesihlanu ozodlalelwa eKapa.

ICity kumanje ihlezi endaweni yesibili ilandela amaBrazillians ngamaphuzu amane. Nokho, uma ingakwazi ukuthola amaphuzu amathathu e-Athlone Stadium izokwazi ukuvala igebe.

Womabili la maqembu abukeka esefomini enhle ku-2018 kanti lo mdlalo ungase uguqule okuningi emgqigqweni we-Absa Premiership.

OLUNYE UDABA: Incwadi kaTeko Modise ilandisa ngokusetshenziswa komuthi kwiPirates

UModise, obedlalela iDowns phakathi kuka-2011 no-2017, ukhulume nezintatheli wathi: "Lo ngumdlalo obaluleke kakhulu, bahlezi esicongweni kanti thina silandela ngemuva.

"Inhloso ukuzama ukunciphisa igebe elisihlukanisile ngokuthi sithole amaphuzu ukuze sikwazi ukuya esicongweni, yingakho lo mdlalo umqoka futhi kumele sibuye namaphuzu.

"Bayiqembu elinohlonze, nathi ngokunjalo, kepha amaphuzu azohamba nekilabhu etshengisa intshisekelo. Sidlala kahle kakhulu kodwa kuyajabhisa ukuthi kawafaki amagoli okumele engabe siyawafaka. Siyethemba ukuthi sizophendula amatafula kulo mdlalo," esho.

Umdlalo uzoqala ngo-20:00.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C Scattered tstorms late. Morning clouds. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...