Iseqhulwini iNedbank Cup - OwePirates

2017-03-17 11:00

Johannesburg - Umdlali we-Orlando Pirates uDove Wome uthi iqembu lakhe aliyithathi kancane iNedbank Cup njengoba kuyisona kuphela isicoco elisanethuba lokusithatha kule sizini.

IPirates, elele kunombolo 11 kwi-Absa Premiership, ngoLwesine ebusuku iqhathwe neqembu elalidlalelwa uWome, iFree State Stars emaqenjini ezodlala kuLast-16 kulo mqhudelwano.

Le midlalo izoba phakathi kuka-Epreli 5 kuya ku-9, kanti izinkundla okuzodlalelwa kuzona zizomenyezelwa yi-PSL ngokuhamba kwesikhathi.

La maqembu azoqale atholane phezulu emdlalweni weligi ozobe useJames Motlatsi Stadium ngo-Ephreli 1.

OLUNYE UDABA: Elidlala ku-NFD lisayinise owayedlalela iChiefs

“Sizobe sidlala yomibili le midlalo ekuhambeni okuyinto engeke ibelula kithina, ngakho sidinga ukuba sizilungisele,” kusho uWome kwi-website yeBucs.

“IFree State Stars iyiqembu elihle impela ikakhulukazi emidlalweni yemikhumulajezi njengoba ike yakubonakalisa lokho ngesikhathi ikhipha iKaizer Chiefs emqhudelwaneni weTelkom Knockout. Ukudlala nabo kulandelana kuzoba yinselelo.

“Leli yithuba lethu lokugcina lokuthathela abalandeli bethu isicoco, ngakho lo mqhudelwano useqhulwini kithina,” kusho lo mdlali.

- KickOff.com

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-18°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...