Iqembu livikela umdlali walo osolwa ngokuhlukumeza owesifazane

2017-07-06 12:31

Cape Town - ISuperSport United isiphumele obala yavikela umdlali wayo ogijima esiswini, uThuso Phala, kulandela izinsolo zokuhlukumeza, kubika iKickOff.

UPhala ubelokhu esezindabeni ngesonto eledlule kulandela ukusabalala kwezinsolo ezinkundleni zokuxhumana zokuthi uhlukumeze owesifazane, nokuthiwa usevule icala esiteshini samaphoyisa.

OLUNYE UDABA: Usesayine kwelePSL uSteven Pienaar

Kodwa ke leli qembu elingomphetha beNedbank Cup seliphumele obala lasekela lo mdlali, noziphikayo lezi zinsolo, laphinde lagxeka kakhulu noma ngabe yikuphi ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.

“ISuperSport United isiyazi ngezinsolo zokuhlukumeza ezibandakanya uThuso Phala ezisabalele ezinkundleni zokuxhumana,” sifundeka kanjalo isitatimende saleli qembu.

“Ikilabhu isikhulumile nomdlali, oziphikayo izinsolo futhi usefune ukwelulekwa ngokomthetho ukulwa nalezi zinsolo ezicekela phansi igama lakhe.

“ISuperSport United izodedela umthetho udlale indawo yawo, kwanele ukusho ukuthi ikilabhu iyakugxeka udlame olunoma ngayiphi indlela, ikakhulukazi olubhekene nabesifazane kanye nezingane.”

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-18°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...