Iqembu lifuna u-R1.5m kumqeqeshi okhethe ukulilaxaza

2017-03-24 12:31

Johannesburg - IPolokwane City kukholakala ukuthi ifuna uLuc Eymael ayikhokhele imali elinganiselwa ku-R1.5 million uma engeke esabuya ukuzoqeqesha leli qembu.

Nakuba u-Eymael esesayine inkontileka njengomqeqeshi omusha weBloemfontein Celtic, ubengakaqali ukusebenza njengoba iCity yafaka isimangalo kwi-PSL, nokumvimbela ukuba aqhubeka nomsebenzi wakhe omusha.

Ngaphandle kodaba lwenkontileka, iCity no-Eymael banomunye umbango wemali okuthiwa leli qembu lamboleka yona, nokwenza iqembu lifune isinxephezelo sika-R1.5 million.

U-Eymael wafaka incwadi yokwesula kwakhe kwiCity kulandela ukungaboni ngasolinye nabaphathi bakhe.

OLUNYE UDABA:  Ukhonjwa kwiBafana umqeqeshi olaxaze iqembu isigubukane

U-Eymael kudingeke ayibukele ehlezi nezihlwele iCeltic ngesikhathi idlala neCape Town City.

Kanjalo nangesikhathi beshaya iBuya Msuthu emqhudelwaneni weNedbank Cup wayehlezi nezihlwele.

Lo mqeqeshi okwamanje ubuyele ekhaya eBelgium, kodwa kuvela ukuthi kunezinto ayozilungisa.

Okwamanje, iCeltic iphoqelekile ukuba iqhubeke nokusebenzisa uLehlohonolo Seema njengebamba likamqeqeshi ngesikhathi kusalindwe kulungiswe udaba luka-Eymael.

 - KickOff.com

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C More sun than clouds. Mild.
Dbn: 16-20°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...