Iqembu lePSL selidedele abadlali abane

2017-06-01 18:00

Cape Town - IBloemfontein Celtic isikuqinisekisile ukuthi isidedele abadlali abane - uVuyisile Wana, uRobert Sankara, u-Ayanda Dlamini kanye noMoeketsi Mvula.

IPhunya Sele Sele iqede isizini yonyaka ka-2016/17 ye-Absa Premiership ingaphezulu ngephuzu elilodwa nje vo ukuze ingabi sengozini yokuvika izembe kanti manje isifuna ukubumba kabusha isikwadi sayo ngaphambi kwesizini ezayo.

OLUNYE UDABA: Owe-PSL unxusa iPirates ukuthi isayinise uSteven Pienaar

I-CEO yeCeltic, uKhumbulani Konco, uchaze ngalesi sinqumo sokudedela laba dlali abane, ngokombiko weSuperSport: “Sifuna kabi ukushintsha iqembu futhi sesikhulule abanye abadlali ngokuncikene nezincomo zethimba labaqeqeshi. Sibe ngemuva kwalokho sesingeza abanye abadlali amagama abo azomenyezelwa maduze uma ngabe izingxoxo seziphothuliwe amaqembu abo ahlukene.

“Isizini edlule ibingenakho kuphela ukudida kodwa isenze saphendula ngokushesha ekwakheni isikwati esiqinile futhi esisemgangathweni sesizini ka-2017/18.

“Kuyindalo yalo mkhakha, ngebhadi, abanye abadlali bazoshiya, baphendlele indlela abadlali abasha.

“Sibonga ngokusuka ngaphakathi iqhaza elibanjwe abadlali ekusizeni iqembu livike izembe futhi ngibafisela okuhle kodwa ekusaseni labo. Siyabahlonipha abalandeli bethu futhi kubalulekile ukuthi siqinise iqembu ngokulakha kabusha.”

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...