Iqembu le-PSL lithole abaxhasi abasha

2017-08-17 07:00

Durban - IBloemfontein Celtic ithi ikuthakasele kakhulu ukumemezela ukuthi basayine inkontileka yonyaka nalesi sakwaStudio 88.

UMphathi weSiwelele uKhumbulani Konco uzwakalise injabulo yakhe ngokuthi: “Ngijabule kakhulu ngobudlelwane obusha obuhle esibuqalile ne-Studio 88. Lobu budlelwano bubonisa ukuthi siphokophelele phambili futhi sifuna okufanayo.”

Uqhubeke wathi ubona sengathi lobu budlelwano nalesi sitolo buzobavulela amathuba amahle okuthi kube khona nabanye abaxhasi abazofuna ukubambisana nabo.

Uthi akakungabazi ukuthi i-Studio 88 izozuza lukhulu ngokwesekwa yizinkulungwane zabalandeli babo ezweni lonke jikelele.

OLUNYE UDABA: IChiefs kulindeleke imemezele abaxhasi abasha

“Nginethemba lokuthi le sizini entsha izoba yisizini enempumelelo.

Umqondisi-jikelele we-Studio 88 uBruce Binnie uthe: “i-Studio 88 ikuthakasele ukubambisana neBloemfontein Celtic njengabaxhasi bayo besizini ka-2017/2018. Sileseka ngokuphelele leli qembu futhi sikholwa wukuthi kukhulu abazokufeza abadlali, umqeqeshi kanye nabaphathi nalo lonke ithimba elisebenzayo.

Uqhubeke wathi leli yithuba lokuthi iSiwelele Sa Masele sithuthuke kakhulu kunalokhu ebesiyikhona ngesizini edlule.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...