IPSL igxeke udlame lwabalandeli kushaywa iPirates

2017-02-13 10:01

Cape Town - IPremier Soccer League isikhiphe isitatimende igxeka ‘isenzo sobudlova’ esenzeke enkundleni yezemidlalo iLoftus Versfeld, ngesikhathi kubhaxatshulwa i-Orlando Pirates ngo-6-0 yi-Orlando Pirates ngoMgqibelo.

Abalandeli baMabhakabhaka bathukuthele bagana unwabu bangena ngoshova enkundleni ngemuva kokungena kwegoli lesithupha.

Umdlalo ube usumiswa ngomzuzu ka-82 ukuze kulawulwe isimo, ngaphambi kokuba iziphathimandla zinqume ukuba uqhubeke ngemuva kwemizuzu engu-20.

OLUNYE UDABA: Kucutshungulwa ivideo yesigameko esenzeke eLoftus Versfeld Stadium

Ngokwe-website yePSL, lo soseshini uxolisile kubalandeli kanye nasezinhlakeni ezithintekayo futhi ubheka isimo.

“IPremier Soccer League isigxeka kakhulu isenzo sobudlova kwabanye babalandeli emdlalweni weMamelodi Sundowns ibhekene ne-Orlando Pirates we-Absa Premiership eLoftus Versfeld Stadium ngoMgqibelo ntambama.

“Iligi ixolisa kubo bonke abalandeli kanye nezinhlaka ezithintekayo – labo abebesenkundleni kanye nalabo abebebukela kumabonakude – abaphazanyiswe yilokhu okwenzekile.

“Ukuziphatha okunje ezinkundleni zethu ukukhangiswa okubi kwebhola lethu.

“IPremier Soccer League ilinde imibiko ezinhlakeni eziningi ezithintekayo ngokuthi kwenzakaleni ngoMgqibelo ntambama,” kubeka iPSL esitatimendeni. 

Buka i-video ekhombisa abalandeli bedlubulundela enkundleni lapha:

 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-23°C High level clouds. Mild. Pta: 19-28°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-24°C Showers late. Broken clouds. Mild. Bloem: 16-25°C Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 21-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 19-26°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...