IPirates neSundowns babekwe amacala yiPSL

2017-03-02 09:31

Cape Town - IPremier Soccer League (PSL) isibeke icala iMamelodi Sundowns kanye ne-Orlando Pirates kulandela impi yabalandeli eyaqubuka enkundleni yezemidlalo iLoftus Stadium nokuyisigameko esenzeka ngomhlaka-11 kuFebhuwari.

Lo mdlalo kwadingeka ukuthi umiswe isikhathi esingaphezu kwemizuzu engu-30 ngemuva kokuthi abalandeli bePirates badlubulundela bangena enkundleni ngesikhathi leli qembu selibhaxatshulwa ngo-6-0 yilabo mpetha bePSL.

Kusukela kwenzeka lesi sigameko sekube kuningi ukudideka mayelana nokuthi yiliphi iqembu okufanele lijeze njengoba umdlalo wawudlalelwa enkundleni yasekhaya yeSundowns.

OLUNYE UDABA: Usecabanga kaningi umdlali weBafana osehlaliswa ebhentshini

Kodwa-ke ekugcineni, kubukeka sengathi womabili amaqembu azojeziswa.

“I-Orlando Pirates isibekwe icala lokuphula umthetho 54 wemithetho yeNSL okuvela ekuziphatheni kwabalandeli babo emdlalweni ngemuva kokuthi abalandeli bekilabhu badlubulundela enkundleni, bajikijela izinto base bacekela phansi futhi balimaza impahla enabaniniyo ngesikhathi somdlalo,” sifundeka kanjalo isitatimende sePSL.

“IMamelodi Sundowns ibekwe icala lokuhluleka ukunikezela ngezokuphepha ezanele emdlalweni kwaholela ekutheni abalandeli babo kanye nalabo beqembu elivakashile (Orlando Pirates) bangena endaweni yenkundla okungavunyelwe ukungena kuyona, kwadaleka umonakalo empahleni baphinde bajikijela ngezinto kubantu kanye nasenkundleni. Le kilibhu iphinde yabekwa icala ngokungaziphathi kahle kwabalandeli bayo.”

Womabili lama kilabhu azovela ngaphambi kwekomiti eliqondisa izigwegwe lePSL ngomhlaka-9 kuMashi.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Showers early. Morning clouds. Cool. Pta: 5-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-19°C Partly cloudy. Cool. PE: 12-16°C Showers early. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...