IPirates kayivumanga nobemenywe yiBafana Bafana

2018-03-19 16:01

Johannesburg - Ummqeqeshi weBafana Bafana uStuart Baxter usekuqinisekisile ukuthi umsizi kamqeqeshi kwi-Orlando Pirates, uRhulani Mokwena, ngeke abeyingxenye yethimba leBafana Bafana.

IBafana kulindeleke ilibhekise eNdola, eZambia ngoLwesibili ekuseni ukuyodlala eqhudelwaneni wamazwe amane, ahlanganisa neZimbabwe ne-Angola.

UBaxter ngeledlule udalule ukuthi uMokwena umenyiwe ukuba yingxenye yethimba leqembu lesiziwe njengengxenye yokuthuthukisa abaqeqeshi amancane baseNingizimu Afrika.

OLUNYE UDABA: Uthi ukukhala ngeke kubasize ngalutho owePirates

Kodwa iBhakabhaka alisamukelanga isicelo sokudedela lo mqeqeshi.

“URhulani ngeke abeyingxenye yethu. Siyasiqonda isimo ekusona iPirates [embangweni wesicoco se-Absa Premiership],” kusho uBaxter etshela abezindaba ngoMsombuluko emini.

UBaxter uthi ubuncane besikhathi abafake ngaso isicelo kwiPirates, mhlawumbe nokungalandeli imigudu efanele, kungenzeka kube yisona sizathu esenze bangavuma noRhulani.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...