IPirates izingela umdlali weThanda

2016-12-28 10:01

Cape Town – I-Orlando Pirates kubikwa ukuthi izingela isitobha seThanda Royal Zulu, u-Ayabulela Magqwaka, ngokusho komqeqeshi weThanda, uRoger Sikhakhane.

Lo mqeqeshi wamaBhubesi ukuqinisekisile ukuthi amalungu ethimba labaqeqeshi kumaBhakabhaka azifikele mathuba ukuzozibonela uMagqwaka ngesikhathi iThanda itholene phezulu neCape Town All Stars ngaphambilini ngoDisemba.

OLUNYE UDABA: Palacios: Abalandeli beBucs akubafanele lokhu

UMagqwaka ubelokhu eyingxenye yaleli qembu laKwaZulu Natali njengoba lilokhu liqhubeka nerekhodi lokungashaywa emidlalweni yalo yeNational First Division (NFD) nosekwenze laqhwakela esicongweni seligi.

USikhakhane utshele abe-website yezindaba zemidlalo, iKickOff, ukuthi: “Bafikile (abePirates) ukuzombona la ngesikhathi sidlala ne-All Stars futhi kuhle eqenjini ukuthi kukhona esikwenza kahle.

“Ungumfana omuhle futhi usezenzele okuhle selokhu samletha la. Ngithemba ukuthi uzolokhu egxilile ukusisiza ekuqhubekeni kwale sizini njengoba sifuna ukulwela isicoco kule sizini,” kuqhuba uSikhakhane.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...