IPirates ithi uJonevret wehlulwe wumsebenzi

2017-08-15 14:02

Johannesburg - I-Orlando Pirates isiziphendulele kokushiwo yilowo obengumqeqeshi wale kilabhu uKjell Jonevret mayelana nokushiya kwakhe eMayfair.

Kulandela ukushiya iPirates, uJonevret utshele isiteshi sikamabonakude eSweden ukuthi ezinye zezinto ezimenze wahamba ukuxhumana okungekho kuhle kulezi zinkunzi zaseSoweto.

Amazwi kaKjell acasule iPirates yagcina isiziphendulela kwi-website yayo.

IPirates ithi ngokuvamile ayijwayele ukuphawula noma ukukhuluma ngabaqeqeshi asebehambile, ngeshwa iyaphoqeleka ukuba ikhulume ngoKjell kulandela izinto azikhulume ngeqembu eSweden.

"Kubalulekile ukwazi ukuthi kungumgomo we-Orlando Pirates ukungaphawuli mayelana nokuhamba kwabantu ebekade ibaqashile ukuze kugwemeke ukonakala kwegama labo nokungalimaza amathuba okuqashwa ngokuzayo. Lo mgomo usesigabeni senkontileka yokusebenza esayinwa yikilabhu nesisebenzi. Kuyacaca ukuthi uKjell Jonevret akakuhloniphanga lokho.

OLUNYE UDABA: IPrates isinqamule izinkontileka zabanye babadlali

"Engxoxweni abenayo neFotbollskanalen, uKjell Jonevret uthe akukho ukuxhumana okuhle ekilabhini. Uthe: 'Kwakunzima ukuba ngizwakalise umbono wami. Yikilabhu enkulu enabantu abaningi abafuna ukufaka isandla bathathe nezinqumo. Okwenzeka laphayana akujwayelekile. Ugcina ufuna ukusiza kodwa akwenzeki. Ngibonile ukuthi kungcono ngihambe, ngahamba,” kusho  uKjell Jonevret.

"Iqiniso ukuthi uKjell Jonevret wehlulwe umsebenzi ngesikhathi esahlolwa kanti ne-Orlando Pirates Football Club yamazisa emihlanganweni emibili edlule wabe esefaka incwadi yokwesula,” kushi iPirates esitatimendeni esifakwe ku-website.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...