IPirates isinqamule izinkontileka zabadlali abahlanu

2017-08-15 12:36

Cape Town – I-Orlando Pirates isinqamule izinkontileka zabadlali abahlanu, yaphinde yakhetha ukungayivuseleli inkontileka kaSiyanda Ngubo.

“Njengoba liqhubeka iwindi lokuthengwa nokudayiswa kwabadlali, ngokwemvelo kuzoqhubeka nokuqagula ngokuhamba kwabadlali besuka ekilabhini beya kwenye,” sifundeka kanjalo isitatimende esishicilelwe kwi-website yale kilabhu.

“I-Orlando Pirates ingakuqinisekisa ukuthi isihlanganile nalabadlali abalandelayo kanye nabameli babo ngokwehlukana futhi zonke izinhlangothi zivumelene ngokunqamula izivumelwano.

OLUNYE UDABA: I-PSL ingase ihlawulise iCity ngesivumelwano esisha sabaxhasi

"UMaselealo Seanego, uSello Jaftha, uRoger Majafa, uLindokuhle Mtshali kanye noDonald Makondolela, bakhululiwe.

“Khonamanjalo inkontileka kaSiyanda Ngubo isifinyelele esiphethweni futhi ikilabhu inqume ukungayivuseleli.

“Ikilabhu ingathanda ukufisela abadlali okuhle kwabazokwenza ngomuso.”

IBucs izoqala umkhankaso wayo wePremiership ngokutholana phezulu neChippa United ngoMgqibelo, e-Orlando Stadium.

Lo mdlalo uzoqala ngo-18:00 kusihlwa. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-18°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 15-26°C Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 13-24°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 16-24°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Dbn: 22-27°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-21°C Showers late. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...